Awukwazi ukuvula ifoni yakho? Awukho umuzwa odumaza njengokufaka inombolo yakho ye-PIN eyiphutha okwesithathu bese uvalelwa ungakwazi ukungena. Usengazishaya izingcingo eziphuthumayo, kodwa ngeke ukwazi ukushaya noma ukwamukela izingcingo, ukuthumela nokwamukela ama-SMS noma ukusebenzisa idatha yakho. Ngaphambi kokuba uxhamazele futhi ushaywe uvalo kakhulu, zinike ithutshana ‘Lokwehlisa umoya bese usebenzisa i-PUK yakho’.
Yini inombolo ye-PUK?
I-PUK imelela ukuthi PIN Unblocking Key futhi isetshenziswa ukuvula ikhadi lakho le-SIM uma ufaka i-PIN eyiphutha izikhathi ezintathu.
Ngenhlanhla sinezindlela eziningana zokukusiza uthole inombolo yakho ye-PUK futhi ubuyele endleleni yakho evamile yokwenza ezingosini zokuxhumana. Mane usebenzise enye yezindlela ezingezansi futhi ufake inombolo eyingqayizivele ye-PUK yefoni yakho. Ngemuva kokufaka inombolo yakho ye-PUK, uzokwazi ukwenza i-PIN entsha – esethemba ukuthi uzoyikhumbula!
Indlela yokuthola inombolo yakho ye-PUK
Ukukhetha 1
Inombolo yakho ye-PUK ingatholakala kalula ngosizo lwe-My Vodacom App. Uma usufake le app efonini yakho mane ulandele lezi zinyathelo ezine ezilula ukuze uthole inombolo yakho ye-PUK.
- Ngena ku-My Vodacom App
- Ekhasini lokubona ibhalansi vula imenyu eyinhloko
- Thepha kumenyu ethi ‘My Account”
- Kumenyu eyehlayo khetha ukuthi “Account details’
- Uzobe usucelwa ukuba ungene ku-app ukuze uvule lolu lwazi oluvikelwe
Ukukhetha 2
- Dayela *135#
- Khetha ukuthi ‘Services’
- Khetha u-’PUK Number’
Ukukhetha 3
- Thumela i-SMS ethi 'VPP' ku-31050 ngenombolo yeselula odinga i-PUK yayo.
Ukukhetha 4
- Dayela 082 135, MAHHALA kuselula ye-Vodacom, bese ulandela imiyalelo yezwi.
Uma ifoni yakho isikhiyekile kakade indlela elula kungaba ukungena ku-My Vodacom ku-inthanethi, lapho ungabona khona inombolo yakho ye-PUK ekhasini lokuqala.
Qiniseka ukuthi unenombolo efanele ye-PUK futhi uyifaka ngendlela efanele. Uma ufaka inombolo yakho ye-PUK eyiphutha izikhathi eziningi kakhulu, ikhadi lakho le-SIM lizovalwa unomphela futhi kuzodingeka ukuthi uthole elisha.
Header photo by Oladimeji Ajegbile from Pexels
Suggested Posts
How to use the Vodacom 112 Emergency Service app on Android
Vodacom | 27th Nov 19